Izenzo 28:5-13 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

5. Kodwa yena wasinikinela isilwane emlilweni, akaze alimala.

6. Kepha babheka ukuthi usezakuvuvuka, nokuba awe phansi masinyane, afe. Kepha sebebheka isikhathi eside, bebona ukuthi akafikelwa ngozi, baphenduka bathi ungunkulunkulu.

7. Kwakukhona kuleyo ndawo izwe lesikhulu sesiqhingi, igama laso linguPhubiliyu; yena wasamukela, wasiphatha kahle izinsuku ezintathu.

8. Kepha uyise kaPhubiliyu wayelele phansi ephethwe ngumkhuhlane nembo; uPawulu wangena kuye, wakhuleka, wabeka izandla phezu kwakhe, wamphilisa.

9. Kwathi lokho sekwenzekile, beza nabanye abasesiqhingini abanezifo, baphulukiswa,

10. basitusa ngokutusa okuningi; kwathi mhla simuka ngomkhumbi, basinika esikudingayo.

11. Emva kwezinyanga ezintathu sase simuka ngomkhumbi wase-Aleksandriya owawudlulisa ubusika esiqhingini, uphawu lwawo lungolwamaWele.

12. Sangena eSirakhuse, sahlala izinsuku ezintathu;

13. sasuka lapho, sagwegwesa, safika eRegiyu. Sekudlule usuku lwaba lunye, kwavuka iningizimu, safika ePhutheyoli ngosuku lwesibili.

Izenzo 28