Izenzo 28:14-27 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

14. Safumana khona abazalwane, sancengwa ukuba sihlale nabo izinsuku eziyisikhombisa; kanjalo safika eRoma.

15. Abazalwame sebezwile ngathi basuka khona, beza ukusihlangabeza baze bafika e-Aphiyo Foru naseTresi Thaberne; uPawulu ebabona wabonga uNkulunkulu, wema isibindi.

16. Sesifikile eRoma, uPawulu wavunyelwa ukuhlala yedwa enebutho elimlindayo.

17. Kwathi emva kwezinsuku ezintathu wabizela ndawonye kuye abakhulu babaJuda; sebebuthene, wathi kubo: “Madoda, bazalwame, noma mina ngingenzanga lutho oluphambene nesizwe namasiko awobaba, nokho ngasuswa eJerusalema ngiyisiboshwa, nganikelwa ezandleni zamaRoma;

18. wona esengihlolile afuna ukungikhulula, ngokuba kungekho cala kimi lokuba ngife;

19. kepha abaJuda bekuphikisa, ngacindezelwa ukuba ngilidlulisele kuKesari, kungesikho ukuthi ngisimangalela isizwe sakithi ngalutho.

20. Ngakho ngaleso sizathu nginibizele lapha ukuba nginibone, ngikhulume nani; ngokuba ngenxa yethemba lika-Israyeli ngiboshiwe ngaleli ketanga.”

21. Base bethi kuye: “Thina asamukelanga ncwadi ngawe evela eJudiya, akufikanga namuntu wabazalwane ukubika nokukhuluma utho olubi ngawe.

22. Kepha sithi kufanele sizwe kuwe okucabangayo, ngokuba siyazi ngaleli hlelo ukuthi liyaphikiswa ezindaweni zonke.”

23. Khona sebemmisele usuku beza kuye endlini yakhe bebaningi, wabachasisela efakaza ngombuso kaNkulunkulu, wabaqondisa ngoJesu ethathela emthethweni kaMose nakubaprofethi, kusukela ekuseni kwaze kwahlwa.

24. Abanye baneliswa ngokwakhulunywayo, abanye abakholwanga;

25. kwathi ukuba bangezwani bodwa, bamuka, uPawulu esekhuluma izwi labalinye lokuthi: “Wakhuluma kahle uMoya oNgcwele ngo-Isaya umprofethi koyihlo

26. ngokuthi:“ ‘Hamba uye kulesi sizwe, uthi:“Ngokuzwa niyakuzwa, ningaze naqonda,nangokubona niyakubona, ningaze nabonisisa,

27. ngokuba inhliziyo yalesi sizweseyaba buthuntu;bezwa kanzima ngezindlebe,amehlo abo bawacimezile,funa mhlawumbe babone ngamehlo,bezwe ngezindlebe,baqonde ngenhliziyo, baphenduke,ngibaphilise.” ’

Izenzo 28