Izenzo 27:14-20 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

14. Kepha emva kwesikhathi esingeside kwavuka kwehla kulo umoya oyisivunguvungu othiwa i-Ewurakiloni;

15. kodwa umkhumbi usududulwa ungasenakubhekana nomoya, sayeka saqhutshwa nje.

16. Kwathi sigudla ngenzansi kwesiqhingana esithiwa iKlawuda, sabamba isikebhe kalukhuni;

17. sebe sikhuphulile basebenzisa izinto zokusiza, bawuzongolozela umkhumbi ngezintambo; kuthe besaba ukuthi bazakukhahleleka eSirti, behlisa izindwangu zomkhumbi, baqhutshwa kanjalo.

18. Kuthe ukuba sibhengulwe kakhulu yisiphepho, ngangomuso bachitha umthwalo;

19. kwathi ngolwesithathu balahla izimpahla zomkhumbi ngezandla zabo.

20. Khona-ke ilanga nezinkanyezi zingasabonakali izinsuku eziningi, nesiphepho esingesincane siqinisa njalo, lase liphela ithemba lonke lokuba singasindiswa.

Izenzo 27