1. Kwathi sekunqunyiwe ukuba siye e-Italiya ngomkhumbi, banikela uPawulu nezinye iziboshwa ezithile enduneni yekhulu, igama layo linguJuliyu, eyebutho likaKesari.
2. Sangena emkhunjini wase-Adramitiyu obusuzakuya ezindaweni zangase-Asiya, u-Aristarku umMakedoniya waseThesalonika enathi.
3. Ngangomuso safika eSidoni; uJuliyu wamphatha kahle uPawulu, wamvumela ukuba aye kubahlobo bakhe, ahlunyelelwe.
4. Sasuka lapho, sagudla ngenzansi kweKhupro, ngokuba imimoya yayiphambene nathi.
5. Sesidabulile ulwandle olungaseKhilikhiya nePhamfiliya safika eMira laseLikhiya.
6. Lapho-ke induna yafumana umkhumbi wase-Aleksandriya oqonde e-Italiya, yasingenisa kuwo.
7. Sesihambe kancane izinsuku eziningi saze safika kalukhuni ngaseKinidu, umoya ungasivumeli, sagudla iKrethe maqondana neSalimone,
8. sagudla lona kalukhuni, safika endaweni ethile ethiwa Matheku Mahle; eduze nayo kukhona umuzi waseLaseya.
9. Kwathi sekudlulile isikhathi eside, sekuyingozi ukuhamba ngomkhumbi, ngokuba isikhathi seNzilo sase sidlulile, uPawulu wabaluleka,
10. wathi kubo: “Madoda, ngiyabona ukuthi lolu hambo luzakuba nengozi nokuchithakala okukhulu, kungabi ngokwempahla nokomkhumbi kuphela kepha nokokuphila kwethu.”
11. Kepha induna yekhulu yethemba umshayeli womkhumbi nomniniwo kakhulu kunalokho okwakhulunywa nguPawulu.