Izenzo 26:9-23 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

9. “Kepha mina ngokwami ngangithi ngifanele ukwenza okuningi okuphambene negama likaJesu waseNazaretha;

10. lokho ngase ngikwenza-ke eJerusalema; mina ngabafaka abaningi kwabangcwele ematilongweni, ngiwatholile amandla kubapristi abakhulu, nalapho bebulawa ngabalahla ngevoti* lami.

11. Nasemasinagogeni* onke kaningi ngabajezisa ngibacindezela ukuba bahlambalaze; ngahlanya kakhulu ngabo, ngibazingela kwaze kwaba semizini yabezizwe.

12. “Kwathi lapho ngisaya eDamaseku ngamandla nangokuthunywa ngabapristi abakhulu,

13. emini enkulu, nkosi, ngisendleleni, ngabona ukukhanya okuvela ezulwini, kudlula ukukhazimula kwelanga, kungikhanyisela nxazonke kanye nababehamba nami;

14. kwathi sesiwile phansi sonke emhlabathini, ngezwa izwi likhuluma kimi ngo limi lwesiHeberu, lithi: ‘Sawulu, Sawulu, ungizingelelani na? Kulukhuni kuwe ukukhahlela ezinkandini.’

15. “Kepha mina ngathi: ‘Ungubani, Nkosi, na?’ INkosi yathi: ‘Mina nginguJesu omzingelayo.

16. Kepha sukuma, ume ngezinyawo zakho; ngokuba ngibonakele kuwe ngalokho ukuba ngikumise ube yisikhonzi nofakazi walokhu kungibona kwakho nowalokhu engizakuzibonakalisa kuwe ngakho,

17. ngikophule esizweni nakwabezizwe engikuthumela kubo

18. ukuvula amehlo abo ukuba basuke ebumnyameni, baphendukele ekukhanyeni, basuke emandleni kaSathane, baphendukele kuNkulunkulu, ukuze bamukeliswe ukuthethelelwa kwezono nesabelo phakathi kwabangcwelisiweyo ngokukholwa kimi.’

19. “Ngalokho, nkosi Agripha, angibanga ngongawulaleliyo umbono wasezulwini,

20. kodwa ngamemezela kuqala kwabaseDamaseku nakwabaseJerusalema, nakulo lonke izwe laseJudiya nakwabezizwe ukuba baphenduke, baguqukele kuNkulunkulu, benze imisebenzi efanele ukuphenduka.

21. Ngenxa yalokho abaJuda bangibamba ethempelini, balinga ukungibulala.

22. Ngitholile usizo kuNkulunkulu ngimi kuze kube kulolu suku ngifakaza kwabancane nakwabakhulu, angikhulumi lutho ngaphandle kwalokho abakukhulumile abaprofethi noMose ukuthi kuzakwenzeka,

23. ukuthi uKristu nga ehlupheka nokuthi engowokuqala ekuvukeni kwabafileyo uzakumemezela ukukhanya kuso isizwe nakwabezizwe.”

Izenzo 26