Izenzo 26:6-17 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

6. Kepha manje ngimi ngimangalelwe ngenxa yethemba lesithembiso asenzayo uNkulunkulu kubo obaba,

7. ezithemba ukufinyelela kuso izizwe eziyishumi nambili zakithi, zikhonza ngesineke ubusuku nemini; ngalelo themba, nkosi, ngimangalelwa ngabaJuda.

8. Kungani kube yinto engakholekile kini ukuthi uNkulunkulu uvusa abafileyo na?

9. “Kepha mina ngokwami ngangithi ngifanele ukwenza okuningi okuphambene negama likaJesu waseNazaretha;

10. lokho ngase ngikwenza-ke eJerusalema; mina ngabafaka abaningi kwabangcwele ematilongweni, ngiwatholile amandla kubapristi abakhulu, nalapho bebulawa ngabalahla ngevoti* lami.

11. Nasemasinagogeni* onke kaningi ngabajezisa ngibacindezela ukuba bahlambalaze; ngahlanya kakhulu ngabo, ngibazingela kwaze kwaba semizini yabezizwe.

12. “Kwathi lapho ngisaya eDamaseku ngamandla nangokuthunywa ngabapristi abakhulu,

13. emini enkulu, nkosi, ngisendleleni, ngabona ukukhanya okuvela ezulwini, kudlula ukukhazimula kwelanga, kungikhanyisela nxazonke kanye nababehamba nami;

14. kwathi sesiwile phansi sonke emhlabathini, ngezwa izwi likhuluma kimi ngo limi lwesiHeberu, lithi: ‘Sawulu, Sawulu, ungizingelelani na? Kulukhuni kuwe ukukhahlela ezinkandini.’

15. “Kepha mina ngathi: ‘Ungubani, Nkosi, na?’ INkosi yathi: ‘Mina nginguJesu omzingelayo.

16. Kepha sukuma, ume ngezinyawo zakho; ngokuba ngibonakele kuwe ngalokho ukuba ngikumise ube yisikhonzi nofakazi walokhu kungibona kwakho nowalokhu engizakuzibonakalisa kuwe ngakho,

17. ngikophule esizweni nakwabezizwe engikuthumela kubo

Izenzo 26