Izenzo 26:1-4 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Khona u-Agripha wathi kuPawulu: “Uvunyelwe ukuba uzikhulumele.”UPawulu wayeselula isandla, waziphendulela wathi:

2. “Maqondana nakho konke engimangalelwa ngakho ngabaJuda, nkosi Agripha, ngizibona nginenhlanhla, ngokuba ngizakuziphendulela namuhla phambi kwakho,

3. ikakhulu lokhu uyisazi sawo onke amasiko nokuphikisana kwabaJuda; ngalokho ngiyakunxusa ukuba ungilalele ngokubekezela.

4. “Inkambo yami kwasebusheni eyaba sesizweni sakithi naseJerusalema kwasekuqaleni bonke abaJuda bayayazi,

Izenzo 26