Izenzo 25:7-15 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

7. Esefikile yena, abaJuda ababehlile eJerusalema bema bemhaqile, bembeka amacala amaningi anzima, abangenakuwaqinisa,

8. lapho uPawulu eziphendulela ngokuthi: “Angonanga ngalutho nasemthethweni wabaJuda, nasethempelini, nakuKesari.”

9. Kepha uFestu ethanda ukubongwa ngabaJuda, wamphendula uPawulu, wathi: “Uyathanda yini ukwenyukela eJerusalema, wahlulelwe khona phambi kwami ngalezi zinto, na?”

10. UPawulu wayesethi: “Ngimi phambi kwesihlalo sokwahlulela sikaKesari, lapho ngimelwe ukwahlulelwa khona. Angenzanga okungalungile kubaJuda njengalokhu nawe wazi kahle.

11. Kepha uma ngonile ngenza utho olufanele ukufa, angali ukufa; kodwa uma kungekho lutho lwalokho laba abangimangalela ngakho, akakho onganginikela kubo. Ngilidlulisela kuKesari.”

12. Khona uFestu esekhulumile nomphakathi waphendula wathi: “Ulidlulisele kuKesari, uzakuya kuKesari.”

13. Kwathi sekudlule izinsuku ezithile, u-Agripha inkosi, noBernike behlela eKesariya ukuyobingelela uFestu.

14. Sebehlezi khona izinsuku eziningi, uFestu weneka phambi kwenkosi indaba kaPawulu, wathi: “Kukhona indoda ethile eyashiywa nguFeliksi iboshiwe;

15. kwathi ngiseJerusalema, abapristi abakhulu namalunga abaJuda babika ngaye becela ukuba ilahlwe;

Izenzo 25