8. Ngokuba abaSadusi bathi akukho ukuvuka kwabafileyo, nangelosi, namoya, kepha abaFarisi bavuma kokubili.
9. Kwase kuvela umsindo omkhulu, kwasukuma abathile kubabhali benxenye yabaFarisi, balwa kakhulu, bathi: “Asifumani lutho olubi kulo muntu; uma, pho, kukhulume kuye umoya noma ingelosi na?”
10. Kwathi sekuvele isiyaluyalu esikhulu, induna yenkulungwane yesaba ukuba uPawulu angadwengulwa yibo, yayala impi ukuba yehle imhlwithe phakathi kwabo, imyise ekamu.*
11. Ngobusuku obulandelayo iNkosi yema ngakuye, yathi: “Yima isibindi; njengalokho ufakaze ngami eJerusalema, ngokunjalo umelwe ukufakaza naseRoma.”
12. Kwathi sekusile, abaJuda benza iqeqeba, bazilokothela bethi abayikudla, bangaphuzi, bengakambulali uPawulu.
13. Babengaphezu kwamashumi amane ababenze lelo cebo.
14. Bona base beza kubapristi abakhulu nasemalungeni, bathi: “Sizibophe ngesilokothelo sokuthi asiyikuzwa ukudla size simbulale uPawulu.
15. Manje-ke nina kanye nomphakathi yazisani induna yenkulungwane ukuba imehlisele kini ngokungathi nizakuhlolisisa indaba yakhe; thina-ke silungele ukumbulala engakasondeli.”
16. Kepha indodana kadadewabo kaPawulu yezwa ngokumqamekela kwabo, yafika yangena ekamu,* yambikela uPawulu.
17. UPawulu wayesebiza enye induna yekhulu, wathi: “Yisa le nsizwa enduneni yenkulungwane, ngokuba inento ezakuyibika kuyo.”
18. Yayisiyithatha-ke, yayiyisa enduneni yenkulungwane, yathi: “Isiboshwa uPawulu singibizile, sacela ukuba ngilethe le nsizwa kuwe, inento ezakukutshela yona.”
19. Induna yenkulungwane yayisiyibamba ngesandla, yagudluka nayo, yayibuza bebodwa, yathi: “Kuyini ozakungibikela khona na?”