22. Khona induna yenkulungwane yayisiyimukisa insizwa, isiyiyalile ukuba ingatsheli muntu ukuthi imbikele lokho.
23. Yayisibiza izinduna zekhulu ezimbili, yathi: “Lungisani amabutho angamakhulu amabili alungele ukuya eKesariya ngehora lesithathu lasebusuku, kanye nezinkweli ezingamashumi ayisikhombisa, nabemikhonto abangamakhulu amabili,
24. kulungiselwe futhi izilwane, ukuze bakhwelise uPawulu, bamyise kahle kuFeliksi umbusi,”
25. yaloba incwadi ehlelwe kanje:
26. UKlawudiyu Lisiya kuye uFeliksi umbusi odumileyo; ngiyakubingelela.