Izenzo 23:12-23 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

12. Kwathi sekusile, abaJuda benza iqeqeba, bazilokothela bethi abayikudla, bangaphuzi, bengakambulali uPawulu.

13. Babengaphezu kwamashumi amane ababenze lelo cebo.

14. Bona base beza kubapristi abakhulu nasemalungeni, bathi: “Sizibophe ngesilokothelo sokuthi asiyikuzwa ukudla size simbulale uPawulu.

15. Manje-ke nina kanye nomphakathi yazisani induna yenkulungwane ukuba imehlisele kini ngokungathi nizakuhlolisisa indaba yakhe; thina-ke silungele ukumbulala engakasondeli.”

16. Kepha indodana kadadewabo kaPawulu yezwa ngokumqamekela kwabo, yafika yangena ekamu,* yambikela uPawulu.

17. UPawulu wayesebiza enye induna yekhulu, wathi: “Yisa le nsizwa enduneni yenkulungwane, ngokuba inento ezakuyibika kuyo.”

18. Yayisiyithatha-ke, yayiyisa enduneni yenkulungwane, yathi: “Isiboshwa uPawulu singibizile, sacela ukuba ngilethe le nsizwa kuwe, inento ezakukutshela yona.”

19. Induna yenkulungwane yayisiyibamba ngesandla, yagudluka nayo, yayibuza bebodwa, yathi: “Kuyini ozakungibikela khona na?”

20. Yathi: “AbaJuda bavumelene ukucela kuwe ukuba wehlisele uPawulu emphakathini ngomuso ngokungathi bazakuhlolisisa indaba yakhe.

21. Ngakho-ke wena ungabavumeli, ngokuba kubona amqamekele amadoda angaphezu kwamashumi amane azilokotheleyo ukuba angadli, angaphuzi, engakambulali; manje-ke sebelungele bebheke isithembiso sakho.”

22. Khona induna yenkulungwane yayisiyimukisa insizwa, isiyiyalile ukuba ingatsheli muntu ukuthi imbikele lokho.

23. Yayisibiza izinduna zekhulu ezimbili, yathi: “Lungisani amabutho angamakhulu amabili alungele ukuya eKesariya ngehora lesithathu lasebusuku, kanye nezinkweli ezingamashumi ayisikhombisa, nabemikhonto abangamakhulu amabili,

Izenzo 23