Izenzo 23:1-7 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. UPawulu wayesegqolozela umphakathi, wathi: “Madoda, bazalwane, mina ngihambile phambi kukaNkulunkulu nginonembeza wonke omuhle kuze kube namuhla.”

2. Kepha umpristi omkhulu u-Ananiya wayala ababemi khona ukuba bamshaye umlomo.

3. Khona uPawulu wathi kuye: “UNkulunkulu uzakukushaya wena ludonga olucakiweyo; uhlalele ukungahlulela ngokomthetho, kodwa ngokuphambene nomthetho uyala ukuba ngishaywe na?”

4. Ababemi khona base bethi: “Uthuka umpristi omkhulu kaNkulunkulu na?”

5. UPawulu wayesethi: “Bengingazi, bazalwane, ukuthi ungumpristi omkhulu; ngokuba kulotshiwe ukuthi:“ ‘Ungakhulumi kabi ngombusi wesizwe sakini.’ ”

6. Kepha kwathi uPawulu azi ukuthi enye inxenye yabo ingabaSadusi nenye ingabaFarisi, wamemeza emphakathini, wathi: “Madoda, bazalwane, ngingumFarisi mina, ngiyindodana yabaFarisi; ngimangalelwa ngethemba nangokuvuka kwabafileyo.”

7. Eseshilo lokho, kwavela ukuphambana phakathi kwabaFarisi nabaSadusi, ibandla lahlukana kabili.

Izenzo 23