Izenzo 22:5-14 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

5. njengokuba nompristi omkhulu ufakaza ngami namalunga onke; ngamukela kubo izincwadi ezilotshelwe abazalwane, ngaya eDamaseku ukuba nababe khona lapho ngibayise eJerusalema beboshiwe, ukuze bajeziswe.

6. “Kwathi ngisahamba ngisondela eDamaseku kuphakathi kwemini, kwangibaneka masinyane nxazonke ukukhanya okukhulu okwavela ezulwini,

7. ngawa phansi emhlabathini, ngezwa izwi lithi kimi: ‘Sawulu, Sawulu, ungizingelelani na?’

8. “Ngase ngiphendula ngathi: ‘Ungubani, Nkosi, na?’“Wathi kimi: ‘Mina nginguJesu waseNazaretha omzingelayo.’

9. Kepha labo ababe nami bakubona ukukhanya, kodwa izwi lowakhuluma nami abalizwanga.

10. “Ngathi: ‘Ngizakwenzani, Nkosi, na?’“INkosi yayisithi kimi: ‘Sukuma, uye eDamaseku, uzakutshelwa khona konke okumiselweyo ukuba ukwenze.’

11. Kepha njengokuba ngangingasaboni ngenxa yenkazimulo yalokho kukhanya, ngaholwa ngesandla yibo ababe nami, ngafika eDamaseku.

12. “U-Ananiya othile, indoda ekholwa ngokomthetho, owayefakazelwa yibo bonke abaJuda ababakhile khona,

13. weza kimi, wema, wathi kimi: ‘Sawulu, mzalwane, buye ubone.’ Mina ngase ngimbona ngaso leso sikhathi.

14. “Wayesethi: ‘UNkulunkulu wawobaba wakumisela ngaphambili ukuyazi intando yakhe, nokumbona oLungileyo, nokulizwa izwi eliphuma emlonyeni wakhe,

Izenzo 22