Izenzo 22:3-9 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

3. “Mina ngiyindoda engumJuda, ngazalwa eTarsu laseKhilikhiya, kodwa ngakhulela kulo muzi, ngafundiswa ngasezinyaweni zikaGamaliyeli ngesineke ngomthetho wawobaba, ngashisekela uNkulunkulu njengokuba nonke ninjalo namuhla;

4. ngayizingela leyo Ndlela kwaze kwaba sekufeni, ngibopha ngibakhaphela ematilongweni abesilisa nabesifazane,

5. njengokuba nompristi omkhulu ufakaza ngami namalunga onke; ngamukela kubo izincwadi ezilotshelwe abazalwane, ngaya eDamaseku ukuba nababe khona lapho ngibayise eJerusalema beboshiwe, ukuze bajeziswe.

6. “Kwathi ngisahamba ngisondela eDamaseku kuphakathi kwemini, kwangibaneka masinyane nxazonke ukukhanya okukhulu okwavela ezulwini,

7. ngawa phansi emhlabathini, ngezwa izwi lithi kimi: ‘Sawulu, Sawulu, ungizingelelani na?’

8. “Ngase ngiphendula ngathi: ‘Ungubani, Nkosi, na?’“Wathi kimi: ‘Mina nginguJesu waseNazaretha omzingelayo.’

9. Kepha labo ababe nami bakubona ukukhanya, kodwa izwi lowakhuluma nami abalizwanga.

Izenzo 22