Izenzo 22:18-30 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

18. ngambona; wathi kimi: ‘Khawuleza uphume masinyane eJerusalema, ngokuba abazukwamukela ubufakazi bakho ngami.’

19. “Mina ngase ngithi: ‘Nkosi, bayazi bona ukuthi yimina engangibabopha ngibashaya emasinagogeni* abakholwa nguwe;

20. futhi mhla kuchithwa igazi likaStefanu ufakazi wakho, ngangimi khona mina, ngivuma, ngilinda izingubo zabambulalayo.’

21. “Wathi kimi: ‘Hamba, ngokuba mina ngizakukuthuma uye kude kwabezizwe.’ ”

22. Kepha bamlalela kwaze kwaba kulelo zwi; base bephakamisa izwi labo, bethi: “Msuseni onje emhlabeni, ngokuba akufanele ukuba aphile.”

23. Kwathi besabangalasa, behlubula izingubo, bethuquza uthuli phezulu,

24. induna yenkulungwane yayala ukuba angeniswe ekamu,* yathi akahlolwe ngenduku, ukuze iqonde ukuthi kungasiphi isici bememeza kanje ngaye.

25. Kepha besamelula ngemichilo, uPawulu wathi enduneni yekhulu eyayimi khona: “Kuvunyelwe yini ukushaya umuntu ongumRoma engalahlwanga yicala na?”

26. Induna yekhulu ikuzwile yaya enduneni yenkulungwane, yabika yathi: “Usuzakwenzani na, ngokuba lowo muntu ungumRoma?”

27. Induna yenkulungwane yayisifika, yathi kuye: “Ngitshele, wena ungumRoma na?”Yena wathi: “Yebo.”

28. Kepha induna yenkulungwane yaphendula yathi: “Mina ngalithenga lelo lungelo ngemali enkulu.”Kodwa uPawulu wathi: “Kepha mina ngazalwa nalo.”

29. Ngakho basuka kuye masinyane abase bezakumhlola; kepha induna yenkulungwane yesaba, isiyazi ukuthi ungumRoma nokuthi ibimbophile.

30. Kwathi ngangomuso ifuna ukwazi iqiniso lalokho amangalelwe ngakho ngabaJuda, yamkhulula, yayala ukuba abapristi abakhulu nomphakathi wonke ubuthane, yamehlisa uPawulu phambi kwabo.

Izenzo 22