11. Kepha njengokuba ngangingasaboni ngenxa yenkazimulo yalokho kukhanya, ngaholwa ngesandla yibo ababe nami, ngafika eDamaseku.
12. “U-Ananiya othile, indoda ekholwa ngokomthetho, owayefakazelwa yibo bonke abaJuda ababakhile khona,
13. weza kimi, wema, wathi kimi: ‘Sawulu, mzalwane, buye ubone.’ Mina ngase ngimbona ngaso leso sikhathi.
14. “Wayesethi: ‘UNkulunkulu wawobaba wakumisela ngaphambili ukuyazi intando yakhe, nokumbona oLungileyo, nokulizwa izwi eliphuma emlonyeni wakhe,
15. ngokuba uzakuba ngufakazi wakhe kubantu bonke walokho okubonileyo nokuzwileyo.
16. Manje-ke ulibalelani na? Sukuma, ubhapathizwe, uhlambulule izono zakho ngokukhuleka egameni lakhe.’