Izenzo 22:1-11 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. “Madoda, bazalwane, nani bobaba, yizwani ukuziphendulela kwami phambi kwenu kalokhu.”

2. Kwathi bemuzwa ekhuluma kubo ngolimi lwesiHeberu, bathula bathi du. Wayesethi:

3. “Mina ngiyindoda engumJuda, ngazalwa eTarsu laseKhilikhiya, kodwa ngakhulela kulo muzi, ngafundiswa ngasezinyaweni zikaGamaliyeli ngesineke ngomthetho wawobaba, ngashisekela uNkulunkulu njengokuba nonke ninjalo namuhla;

4. ngayizingela leyo Ndlela kwaze kwaba sekufeni, ngibopha ngibakhaphela ematilongweni abesilisa nabesifazane,

5. njengokuba nompristi omkhulu ufakaza ngami namalunga onke; ngamukela kubo izincwadi ezilotshelwe abazalwane, ngaya eDamaseku ukuba nababe khona lapho ngibayise eJerusalema beboshiwe, ukuze bajeziswe.

6. “Kwathi ngisahamba ngisondela eDamaseku kuphakathi kwemini, kwangibaneka masinyane nxazonke ukukhanya okukhulu okwavela ezulwini,

7. ngawa phansi emhlabathini, ngezwa izwi lithi kimi: ‘Sawulu, Sawulu, ungizingelelani na?’

8. “Ngase ngiphendula ngathi: ‘Ungubani, Nkosi, na?’“Wathi kimi: ‘Mina nginguJesu waseNazaretha omzingelayo.’

9. Kepha labo ababe nami bakubona ukukhanya, kodwa izwi lowakhuluma nami abalizwanga.

10. “Ngathi: ‘Ngizakwenzani, Nkosi, na?’“INkosi yayisithi kimi: ‘Sukuma, uye eDamaseku, uzakutshelwa khona konke okumiselweyo ukuba ukwenze.’

11. Kepha njengokuba ngangingasaboni ngenxa yenkazimulo yalokho kukhanya, ngaholwa ngesandla yibo ababe nami, ngafika eDamaseku.

Izenzo 22