Izenzo 21:34-40 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

34. Kepha abanye esixukwini bamemeza okunye, abanye okunye; yathi ukuba ingenakulazi iqiniso ngenxa yomsindo, yayala ukuba ayiswe ekamu.*

35. Esefikile esikhwelweni, kwenzeka ukuba athwalwe ngamabutho ngenxa yokukhandana kwesixuku;

36. ngokuba kwalandela isixuku sabantu bememeza bethi: “Msuseni!”

37. Esezakungeniswa ekamu* uPawulu wathi enduneni yenkulungwane: “Ngivunyelwe ukuba ngisho utho na?”Yona yathi: “Uyasazi isiGreki na?

38. Kanti awusiye yini lowo waseGibithe owambuka ngaphambi kwalezi zinsuku, waholela ehlane amadoda ayizinkulungwane ezine angababulali na?”

39. Kepha uPawulu wathi: “Mina ngingumJuda waseTarsu laseKhilikhiya, ngingumuntu womuzi ongesiwo ongenalo udumo; ngiyacela, ake ungivumele ngikhulume kubantu.”

40. Esemvumele, uPawulu wema esikhwelweni, waqhweba abantu ngesandla; sekuthe cwaka, wakhuluma ngolimi lwesiHeberu, wathi:

Izenzo 21