13. Khona uPawulu waphendula wathi: “Nenzelani ukukhala nichoboza inhliziyo yami na? Ngokuba sengilungele, kungesikho ukuboshwa kuphela kepha nokufa eJerusalema ngenxa yegama leNkosi uJesu.”
14. Engenakuvunyiswa, sathula sathi: “Mayenziwe intando yeNkosi.”
15. Emva kwalezo zinsuku sabopha impahla, sakhuphukela eJerusalema;
16. kwahamba nathi abanye kubafundi baseKesariya, besiyisa kuMnasoni othile waseKhupro, umfundi omdala, ebesizakungenisa kwakhe.
17. Sesifinyelele eJerusalema, abazalwane basamukela ngokujabula.
18. Ngangomuso uPawulu wangena nathi kuJakobe; namalunga onke ayekhona.
19. Wababingelela, wabalandisa ngakho konke ngakunye uNkulunkulu abekwenzile phakathi kwabezizwe ngenkonzo yakhe.
20. Sebekuzwile lokho bamdumisa uNkulunkulu, bathi kuye: “Uyabona, mzalwane, ukuthi ziningi kangaka izigidi zabakholwayo phakathi kwabaJuda, futhi bonke bayizishisekeli zomthetho;
21. sebebikelwe ngawe ukuthi ufundisa bonke abaJuda abaphakathi kwabezizwe ukuhlubuka kuMose, uthi mabangasoki abantwana babo, bangahambi ngamasiko.
22. Pho-ke, senze njani na? Impela bazakuzwa ukuthi usufikile.
23. Ngakho yenza lokhu esikusho kuwe: Kukhona kithi amadoda amane azibophile ngesifungo;
24. wathathe wona, uzihlambulule kanye nawo, uwakhokhele ukuba aphucule ikhanda; khona bazakwazi bonke ukuthi akukho lutho lwalokho abakubikelwe ngawe, kepha ukuthi nawe uhamba ulonda umthetho.