1. Kwathi sesimukile kubo, sasuka ngomkhumbi, saqonda ngqo, safika eKhose nangangomuso eRodu; sasuka lapho, safika ePathara;
2. sesifumene umkhumbi owelela eFenike, sangena kuwo, samuka.
3. Kwathi sekuqhamuke iKhupro, sesilishiyile ngakwesokhohlo, saqonda eSiriya, sehlika eTire, ngokuba umkhumbi wawuzakwethula khona impahla.
4. Safumana abafundi, sahlala khona izinsuku eziyisikhombisa; bona bathi ngoMoya kuPawulu, angalubeki unyawo eJerusalema.
5. Kwathi sesiqedile lezo zinsuku, saphuma sahamba; bonke basiphelekezela kanye nawomkabo nabantwana, kwaze kwaba ngaphandle komuzi; saguqa ngamadolo ogwini, sakhuleka,
6. savalelisana, sangena emkhunjini, kepha bona babuyela emakhaya.
7. Thina sesiqedile ukuhamba ngomkhumbi sisuka eTire, safika ePetolemayi, sabingelela abazalwane, sahlala nabo usuku lwaba lunye.
8. Kepha ngangomuso samuka safika eKesariya, sangena endlini kaFiliphu umvangeli, owayengomunye wabayisikhombisa, sahlala naye.
9. Yena-ke wayenamadodakazi amane, izintombi eziprofethayo.
10. Kwathi sisahlezi khona izinsuku eziningana, kwehla eJudiya umprofethi ogama lakhe lingu-Agabu;