8. Kwakukhona izibani eziningi ekamelweni eliphezulu esasibuthene kulo.
9. Kwakuhlezi efasiteleni insizwa ethile igama layo lingu-Evitiku, eyazunywa ngubuthongo obunzima, uPawulu eshumayela isikhathi eside; isiyahlulwe ngubuthongo, yawa phansi isuka esitezi sesithathu, yathathwa isifile.
10. Kepha uPawulu wehla, wawa phezu kwayo, wayisingatha, wathi: “Ningaxokozeli, ngokuba umphefumulo wayo usekhona kuyo,”
11. esenyukile wahlephula isinkwa, wadla, wakhuluma nabo isikhathi eside kwaze kwasa; wayesemuka-ke.
12. Base bemletha umfana ephilile, baduduzeka kakhulu.
13. Kepha thina sandulela ukuya emkhunjini, samuka saya e-Asu, lapho sasizakumkhwelisa khona uPawulu; ngokuba wayenqumile kanjalo, yena ebezakuhamba ngezinyawo.
14. Kwathi esehlangene nathi e-Asu, samkhwelisa, safika eMithilene;
15. sesimukile lapho ngomkhumbi, ngangomuso safika maqondana neKiyu; ngangomhlomunye sasondela eSamu; ngolulandelayo safika eMilethu.
16. Ngokuba uPawulu wayezimisele ukudlula e-Efesu ngomkhumbi ukuze angalibali isikhathi e-Asiya; ngokuba wayekhawulezela ukuba, uma kungenzeka, abe khona eJerusalema ngosuku lwePhentekoste.
17. EseMilethu wathumela e-Efesu, wabiza amalunga ebandla.
18. Kwathi esefikile kuye, wathi kuwo: “Niyazi nina ukuthi kusukela osukwini lokuqala engafika ngalo e-Asiya nganginjani isikhathi sonke nginani,
19. ngikhonza iNkosi ngakho konke ukuthobeka, nangezinyembezi, nangokulingwa okwangehlela ngamacebo abaJuda,
20. nokuthi angigwemanga ukunitshela okusizayo nokunifundisa phambi kwabantu nakuzo izindlu ngezindlu,