Izenzo 20:15-19 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

15. sesimukile lapho ngomkhumbi, ngangomuso safika maqondana neKiyu; ngangomhlomunye sasondela eSamu; ngolulandelayo safika eMilethu.

16. Ngokuba uPawulu wayezimisele ukudlula e-Efesu ngomkhumbi ukuze angalibali isikhathi e-Asiya; ngokuba wayekhawulezela ukuba, uma kungenzeka, abe khona eJerusalema ngosuku lwePhentekoste.

17. EseMilethu wathumela e-Efesu, wabiza amalunga ebandla.

18. Kwathi esefikile kuye, wathi kuwo: “Niyazi nina ukuthi kusukela osukwini lokuqala engafika ngalo e-Asiya nganginjani isikhathi sonke nginani,

19. ngikhonza iNkosi ngakho konke ukuthobeka, nangezinyembezi, nangokulingwa okwangehlela ngamacebo abaJuda,

Izenzo 20