15. sesimukile lapho ngomkhumbi, ngangomuso safika maqondana neKiyu; ngangomhlomunye sasondela eSamu; ngolulandelayo safika eMilethu.
16. Ngokuba uPawulu wayezimisele ukudlula e-Efesu ngomkhumbi ukuze angalibali isikhathi e-Asiya; ngokuba wayekhawulezela ukuba, uma kungenzeka, abe khona eJerusalema ngosuku lwePhentekoste.
17. EseMilethu wathumela e-Efesu, wabiza amalunga ebandla.
18. Kwathi esefikile kuye, wathi kuwo: âNiyazi nina ukuthi kusukela osukwini lokuqala engafika ngalo e-Asiya nganginjani isikhathi sonke nginani,
19. ngikhonza iNkosi ngakho konke ukuthobeka, nangezinyembezi, nangokulingwa okwangehlela ngamacebo abaJuda,