Izenzo 2:7-18 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

7. Bethuka, bamangala bathi: “Bheka, bonke laba abakhulumayo abasibo abaseGalile na?

8. Yini, pho, ukuba sonke ngabanye sizwe ngolimi lwakithi esazalwa nalo na?

9. AmaParte, namaMede, nama-Elamithi, nabakhile eMesopotamiya, naseJudiya, naseKhaphadosiya, nasePontu, nase-Asiya,

10. naseFrigiya, nasePhamfiliya, naseGibithe, nasezweni laseLibiya ngaseKhurene, nezihambi zaseRoma,

11. nabaJuda namaproselite,* abaseKrethe nabase-Arabiya, siyabezwa bekhuluma ngezilimi zakithi ngemisebenzi emikhulu kaNkulunkulu.”

12. Bonke bamangala, basambatheka, bathi omunye komunye: “Kuthini lokhu na?”

13. Kepha abanye bebabhuqa bathi: “Bagcwele iwayini elimnandi.”

14. Wayesesukuma uPetru nabayishumi nanye, waphakamisa izwi lakhe, waphumisela wathi kubo:“Madoda akwaJuda nani nonke enakhileyo eJerusalema, makwazeke lokhu kini, nibeke indlebe emazwini ami.

15. Ngokuba laba kabadakiwe njengokucabanga kwenu, lokhu kuseyihora lesithathu lemini;

16. kodwa lokhu kuyikho okwakhulunywa ngomprofethi uJoweli ukuthi:

17. “ ‘Kuyakuthi ezinsukwini zokuphela, kusho uNkulunkulu,ngiyakuthulula uMoya wamiphezu kwayo yonke inyama;amadodana enu namadodakazi enu ayakuprofetha,izinsizwa zenu zibone imibono,abadala benu baphuphe amaphupho;

18. yebo, naphezu kwezinceku zaminezincekukazi zamingiyakuthulula uMoya wami ngaleyo mihla,ziyakuprofetha.

Izenzo 2