5. Kepha kwakukhona abaJuda abakhile eJerusalema, amadoda akholwayo, evela ezizweni zonke eziphansi kwezulu;
6. kwathi kuzwakele lowo mdumo, uquqaba lwabuthana, lwaphithiza, ngokuba kwaba yilowo nalowo wabezwa bekhuluma ngolimi lwakubo.
7. Bethuka, bamangala bathi: “Bheka, bonke laba abakhulumayo abasibo abaseGalile na?
8. Yini, pho, ukuba sonke ngabanye sizwe ngolimi lwakithi esazalwa nalo na?
9. AmaParte, namaMede, nama-Elamithi, nabakhile eMesopotamiya, naseJudiya, naseKhaphadosiya, nasePontu, nase-Asiya,
10. naseFrigiya, nasePhamfiliya, naseGibithe, nasezweni laseLibiya ngaseKhurene, nezihambi zaseRoma,
11. nabaJuda namaproselite,* abaseKrethe nabase-Arabiya, siyabezwa bekhuluma ngezilimi zakithi ngemisebenzi emikhulu kaNkulunkulu.”
12. Bonke bamangala, basambatheka, bathi omunye komunye: “Kuthini lokhu na?”
13. Kepha abanye bebabhuqa bathi: “Bagcwele iwayini elimnandi.”
14. Wayesesukuma uPetru nabayishumi nanye, waphakamisa izwi lakhe, waphumisela wathi kubo:“Madoda akwaJuda nani nonke enakhileyo eJerusalema, makwazeke lokhu kini, nibeke indlebe emazwini ami.
15. Ngokuba laba kabadakiwe njengokucabanga kwenu, lokhu kuseyihora lesithathu lemini;
16. kodwa lokhu kuyikho okwakhulunywa ngomprofethi uJoweli ukuthi:
17. “ ‘Kuyakuthi ezinsukwini zokuphela, kusho uNkulunkulu,ngiyakuthulula uMoya wamiphezu kwayo yonke inyama;amadodana enu namadodakazi enu ayakuprofetha,izinsizwa zenu zibone imibono,abadala benu baphuphe amaphupho;
18. yebo, naphezu kwezinceku zaminezincekukazi zamingiyakuthulula uMoya wami ngaleyo mihla,ziyakuprofetha.
19. Ngiyakuveza izimangaliso ezulwini phezulunezibonakaliso emhlabeni phansi,igazi, nomlilo, nokuthunqa komusi.