Izenzo 2:4-9 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

4. Base begcwala bonke uMoya oNgcwele, baqala ukukhuluma ngezinye izilimi, njengalokho uMoya wabapha ukuphumisela.

5. Kepha kwakukhona abaJuda abakhile eJerusalema, amadoda akholwayo, evela ezizweni zonke eziphansi kwezulu;

6. kwathi kuzwakele lowo mdumo, uquqaba lwabuthana, lwaphithiza, ngokuba kwaba yilowo nalowo wabezwa bekhuluma ngolimi lwakubo.

7. Bethuka, bamangala bathi: “Bheka, bonke laba abakhulumayo abasibo abaseGalile na?

8. Yini, pho, ukuba sonke ngabanye sizwe ngolimi lwakithi esazalwa nalo na?

9. AmaParte, namaMede, nama-Elamithi, nabakhile eMesopotamiya, naseJudiya, naseKhaphadosiya, nasePontu, nase-Asiya,

Izenzo 2