Izenzo 2:16-32 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

16. kodwa lokhu kuyikho okwakhulunywa ngomprofethi uJoweli ukuthi:

17. “ ‘Kuyakuthi ezinsukwini zokuphela, kusho uNkulunkulu,ngiyakuthulula uMoya wamiphezu kwayo yonke inyama;amadodana enu namadodakazi enu ayakuprofetha,izinsizwa zenu zibone imibono,abadala benu baphuphe amaphupho;

18. yebo, naphezu kwezinceku zaminezincekukazi zamingiyakuthulula uMoya wami ngaleyo mihla,ziyakuprofetha.

19. Ngiyakuveza izimangaliso ezulwini phezulunezibonakaliso emhlabeni phansi,igazi, nomlilo, nokuthunqa komusi.

20. Ilanga liyakuphenduka ubumnyama,inyanga ibe yigazi,lungakafiki usuku olukhulunoluqhamileyo lweNkosi.

21. Kuyakuthi yilowo nalowoobiza igama leNkosi uyakusindiswa.’

22. “Madoda akwa-Israyeli, zwanini lawa mazwi: UJesu waseNazaretha, indoda efakazelwe nguNkulunkulu phambi kwenu ngemisebenzi yamandla nangezimangaliso nangezibonakaliso uNkulunkulu azenza ngaye phakathi kwenu, njengalokhu nazi nina uqobo lwenu,

23. yena lo, esenikelwe ngesu elimisiweyo nangokwaziphambili kukaNkulunkulu, nambethela ngezandla zabangenamthetho, nambulala;

24. lowo uNkulunkulu wamvusa ethukulula iminjunju yokufa, lokhu kwakungenakwenzeka ukuba abanjwe yikho.

25. Ngokuba uDavide uthi ngaye:“ ‘Ngayibona iNkosi phambi kwami njalo,ngokuba ingakwesokunene sami,ukuze nginganyakaziswa.

26. Ngalokho inhliziyo yami iyajabula,nolimi lwami luyethaba;ngisho nenyama yami iyakuhlalangokwethemba.

27. Ngokuba awuyikushiya umphefumulo wami eHayidese,*futhi awuyikuvuma oNgcwele wakhoabone ukubola.

28. Wangazisa izindlela zokuphila;uyakungigcwalisa ngokujabula ebusweni bakho.’

29. “Madoda, bazalwane, ake ngikhulume kini ngokusobala ngokhokho uDavide ukuthi wafa, nokuthi wembelwa, nokuthi ithuna lakhe lisekhona kithi nanamuhla.

30. Ngakho lokhu engumprofethi, ekwazi ukuthi uNkulunkulu wayefungile kuye ngesifungo ukuthi enzalweni yokhalo lwakhe uyakubeka omunye esihlalweni sakhe sobukhosi,

31. ebona kuse phambili, wakhuluma ngokuvuka kukaKristu ukuthi akashiywanga eHayidese,* nenyama yakhe ayibonanga ukubola.

32. UJesu lo uNkulunkulu wamvusa, esingofakazi bakho thina sonke;

Izenzo 2