Izenzo 2:12-23 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

12. Bonke bamangala, basambatheka, bathi omunye komunye: “Kuthini lokhu na?”

13. Kepha abanye bebabhuqa bathi: “Bagcwele iwayini elimnandi.”

14. Wayesesukuma uPetru nabayishumi nanye, waphakamisa izwi lakhe, waphumisela wathi kubo:“Madoda akwaJuda nani nonke enakhileyo eJerusalema, makwazeke lokhu kini, nibeke indlebe emazwini ami.

15. Ngokuba laba kabadakiwe njengokucabanga kwenu, lokhu kuseyihora lesithathu lemini;

16. kodwa lokhu kuyikho okwakhulunywa ngomprofethi uJoweli ukuthi:

17. “ ‘Kuyakuthi ezinsukwini zokuphela, kusho uNkulunkulu,ngiyakuthulula uMoya wamiphezu kwayo yonke inyama;amadodana enu namadodakazi enu ayakuprofetha,izinsizwa zenu zibone imibono,abadala benu baphuphe amaphupho;

18. yebo, naphezu kwezinceku zaminezincekukazi zamingiyakuthulula uMoya wami ngaleyo mihla,ziyakuprofetha.

19. Ngiyakuveza izimangaliso ezulwini phezulunezibonakaliso emhlabeni phansi,igazi, nomlilo, nokuthunqa komusi.

20. Ilanga liyakuphenduka ubumnyama,inyanga ibe yigazi,lungakafiki usuku olukhulunoluqhamileyo lweNkosi.

21. Kuyakuthi yilowo nalowoobiza igama leNkosi uyakusindiswa.’

22. “Madoda akwa-Israyeli, zwanini lawa mazwi: UJesu waseNazaretha, indoda efakazelwe nguNkulunkulu phambi kwenu ngemisebenzi yamandla nangezimangaliso nangezibonakaliso uNkulunkulu azenza ngaye phakathi kwenu, njengalokhu nazi nina uqobo lwenu,

23. yena lo, esenikelwe ngesu elimisiweyo nangokwaziphambili kukaNkulunkulu, nambethela ngezandla zabangenamthetho, nambulala;

Izenzo 2