1. Kwathi sekufikile usuku lwePhentekoste, bonke babebuthene ndawonye.
2. Ngokungazelelwe kwavela ezulwini inhlokomo kwangathi eyokuvunguza komoya onamandla; yona yagcwalisa indlu yonke ababehlezi kuyo.
3. Kwase kubonakala kubo izilimi ezahlukeneyo kungathi ezomlilo; zahlala phezu kwalowo nalowo kubo.
4. Base begcwala bonke uMoya oNgcwele, baqala ukukhuluma ngezinye izilimi, njengalokho uMoya wabapha ukuphumisela.
5. Kepha kwakukhona abaJuda abakhile eJerusalema, amadoda akholwayo, evela ezizweni zonke eziphansi kwezulu;
6. kwathi kuzwakele lowo mdumo, uquqaba lwabuthana, lwaphithiza, ngokuba kwaba yilowo nalowo wabezwa bekhuluma ngolimi lwakubo.
7. Bethuka, bamangala bathi: “Bheka, bonke laba abakhulumayo abasibo abaseGalile na?
8. Yini, pho, ukuba sonke ngabanye sizwe ngolimi lwakithi esazalwa nalo na?
9. AmaParte, namaMede, nama-Elamithi, nabakhile eMesopotamiya, naseJudiya, naseKhaphadosiya, nasePontu, nase-Asiya,
10. naseFrigiya, nasePhamfiliya, naseGibithe, nasezweni laseLibiya ngaseKhurene, nezihambi zaseRoma,
11. nabaJuda namaproselite,* abaseKrethe nabase-Arabiya, siyabezwa bekhuluma ngezilimi zakithi ngemisebenzi emikhulu kaNkulunkulu.”
12. Bonke bamangala, basambatheka, bathi omunye komunye: “Kuthini lokhu na?”
13. Kepha abanye bebabhuqa bathi: “Bagcwele iwayini elimnandi.”