Izenzo 19:32-41 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

32. Khona-ke abanye bamemeza okunye nabanye okunye; ngokuba ibandla layaluza nje, nabaningi babengazi ukuthi babuthanele indabani.

33. Base bekhipha u-Aleksandru esixukwini, abaJuda bamqhubela phambili; kepha u-Aleksandru waqhweba ngesandla, efuna ukuziphendulela kubantu.

34. Kwathi ukuba bezwe ukuthi ungumJuda, bamemeza bonke ngazwi linye kwangathi amahora amabili, bathi: “Mkhulu uDiyana wabase-Efesu.”

35. Kepha umbhali esebathulisile abantu wathi: “Madoda ase-Efesu, kukhona yini phakathi kwabantu ongaziyo ukuthi umuzi wase-Efesu ungumlondi wethempeli likaDiyana omkhulu nowesithombe esawa ezulwini na?

36. Ngakho lokhu lezo zinto zingephikwe, kufanele nithule, ningenzi lutho ngamawala.

37. Ngokuba nilethile lawa madoda angesibo abaphangi bamathempeli nokuba abahlambalaza uNkulunkulu wethu.

38. Ngakho uma uDemetriyu kanye nezingcweti zabakhandi besiliva benendaba nomuntu, zikhona izinsuku zokuthetha amacala, bakhona nababusi; mabamangalelane.

39. Kepha uma nifuna utho ngaphezu kwalokho, kuyalungiswa ebandleni elimisiweyo.

40. Ngokuba-ke sisengozini yokumangalelwa ngomsindo wanamuhla, lokhu kungekho sizathu esingazilandulela ngaso ngalesi siwiliwili.”

41. Eseshilo lokho walimukisa ibandla.

Izenzo 19