Izenzo 19:1-5 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Kwathi u-Apholo eseKorinte, uPawulu wafika e-Efesu esedabulile amazwe angasenhla, wafumana abafundi abathile,

2. wathi: “Namamukela yini uMoya oNgcwele mhla nikholwayo na?”Bathi kuye: “Qhabo, asizwanga nokuzwa ukuba kukhona uMoya oNgcwele.”

3. Wathi: “Pho, nabhapathizelwa kukuphi na?”Base bethi: “Kukho ukubhapathiza kukaJohane.”

4. UPawulu wayesethi: “UJohane wabhapathiza umbhapathizo wokuphenduka, ethi kubantu mabakholwe nguyena obezakuza emva kwakhe, kungukuthi uJesu.”

5. Bathi ukuzwa lokho, babhapathizwa egameni leNkosi uJesu.

Izenzo 19