7. Wasuka lapho, weza endlini yomuntu ogama lakhe linguThithiyu Justu, okhonza uNkulunkulu; indlu yakhe yayiseceleni kwesinagoge.*
8. Kepha uKrispu umphathi wesinagoge* wakholwa yiNkosi kanye nendlu yakhe yonke, nabaningi babaseKorinte balalela, bakholwa, babhapathizwa.
9. INkosi yayisithi kuPawulu ngombono ebusuku: “Ungesabi, kepha khuluma, ungathuli,
10. ngokuba mina nginawe, akakho ozakukusukela, akulimaze, ngokuba nginabantu abaningi kulo muzi.”
11. Wahlala khona umnyaka nezinyanga eziyisithupha efundisa izwi likaNkulunkulu phakathi kwabo.
12. Kwathi uGaliyu engumbusi wase-Akhaya, abaJuda bamvukela uPawulu nganhliziyonye, bamyisa phambi kwesihlalo sokwahlulela,
13. bathi: “Lo muntu uphendukisa abantu ukuba bakhonze uNkulunkulu ngokuphambene nomthetho.”
14. Khona uPawulu esezakuvula umlomo, uGaliyu wathi kubaJuda: “O nina baJuda, uma bekuyicala noma ubugebengu obubi, bekufanele nginibekezelele;
15. kodwa uma kungukuphikisana ngamazwi, nangamagama, nangomthetho wakini, ziboneleni nina; mina angithandi ukuba ngumahluleli walezo zinto.”
16. Wayesebaxosha esihlalweni sokwahlulela.
17. Khona bonke bambamba uSostene umphathi wesinagoge,* bamshaya phambi kwesihlalo sokwahlulela; kodwa uGaliyu akaze anaka lutho lwalokho.
18. Kepha uPawulu esehlale khona izinsuku eziningi, wavalelisa kubazalwane, wamuka ngomkhumbi, waya eSiriya kanye noPrisila no-Akwila, esegundile ikhanda lakhe eKenikreya; ngokuba wayezibophe ngesifungo.