Izenzo 18:1-3 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Emva kwalokho wamuka e-Athene, wafika eKorinte.

2. Wafumana khona umJuda othile ogama lakhe lingu-Akwila, wasePontu ngokuzalwa, owayesanda kufika ephuma e-Italiya, enoPrisila umkakhe, ngenxa yesimemezelo sikaKlawudiyu sokuba bonke abaJuda bamuke eRoma; weza kubo;

3. lokhu wayemsebenzi munye nabo, wahlala nabo, basebenza. Ngokuba umsebenzi wabo kwakungukuthunga amatende.

Izenzo 18