Izenzo 17:32-34 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

32. Kwathi bezwa ngokuvuka kwabafileyo, abanye bahleka usulu, kepha abanye bathi: “Siyakuphinda sikuzwe ngaleyo ndaba.”

33. Kanjalo uPawulu waphuma phakathi kwabo.

34. Kepha amadoda athile anamathela kuye, akholwa; phakathi kwawo kwakukhona noDiyonisiyu wase-Areyophagu, nowesifazane ogama lakhe linguDamari, nabanye kanye nabo.

Izenzo 17