Izenzo 17:3-9 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

3. ebavulela, ebachasisela ukuthi kwakumelwe ukuba uKristu ahlupheke, avuke kwabafileyo, ethi futhi: “UJesu lo engimshumayela kini unguKristu.”

4. Base bevuma abanye kubo, bazihlanganisa noPawulu noSila, futhi nesixuku esikhulu samaGreki akholwayo, kanye nabesifazane abadumileyo abangeyingcosana.

5. Kepha abaJuda benomhawu bathatha kumabhukudwane abalisa abathile ababi, besusa isiyaluyalu phakathi kwabantu, baxokozelisa umuzi; bahlasela indlu kaJasoni befuna ukubakhiphela kubantu;

6. kepha bengabafumani bamhudulela uJasoni kanye nabazalwane abathile kubaphathimuzi, bamemeza bathi: “Laba abayaluzisa izwe lonke sebefikile nalapha,

7. uJasoni ubamukele; bonke laba benza okuphambene nezimiso zikaKesari, bethi kukhona enye inkosi, nguJesu.”

8. Kepha bethusa isixuku nabaphathimuzi abezwa lokho,

9. bathatha isibambiso kuJasoni nakwabanye, babakhulula.

Izenzo 17