Izenzo 17:24-34 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

24. “UNkulunkulu owenza umhlaba nakho konke okukuwo, yena oyiNkosi yezulu nomhlaba, akahlali emathempelini enziwe ngezandla;

25. futhi akakhonzwa ngezandla zabantu ngokungathi udinga utho, yena obapha bonke ukuphila nokuphefumula nakho konke;

26. wazenza izizwe zonke ngagazi linye ukuba zakhe ebusweni bonke bomhlaba, wamisa izikhathi ezinqunyiweyo nemikhawulo yokuhlala kwazo,

27. ukuze zifune uNkulunkulu, ingabe zingamuzwa, zimfumane; ingani kakude kulowo nalowo kithi.

28. ‘Ngokuba siphila, sihamba, sikhona kuye,’ njengalokho izimbongi ezithile zakini zishilo zathi:“ ‘Ngokuba futhi siyinzalo yakhe.’

29. “Ngakho lokhu siyinzalo kaNkulunkulu, akufanele ukuba sithi ubuNkulunkulu bufana negolide noma isiliva noma itshe, okuqoshwe ngekhono nangesu lomuntu.

30. Ngokuba izikhathi zokungazi wazithalalisa uNkulunkulu, kodwa kalokhu usememezela kubantu ukuba bonke ezindaweni zonke baphenduke,

31. njengokuba umisile usuku azakwahlulela ngalo izwe ngokulunga ngomuntu ammisele lokho, enika bonke ithemba ngokumvusa kwabafileyo.”

32. Kwathi bezwa ngokuvuka kwabafileyo, abanye bahleka usulu, kepha abanye bathi: “Siyakuphinda sikuzwe ngaleyo ndaba.”

33. Kanjalo uPawulu waphuma phakathi kwabo.

34. Kepha amadoda athile anamathela kuye, akholwa; phakathi kwawo kwakukhona noDiyonisiyu wase-Areyophagu, nowesifazane ogama lakhe linguDamari, nabanye kanye nabo.

Izenzo 17