20. Ngokuba uletha ezindlebeni zethu okuthile okungaziwayo; ngalokho sifuna ukwazi ukuthi lokhu kungaba yini.”
21. Ngokuba bonke abase-Athene nabafokazi abakhe khona babengazilibazisi ngokunye, kuphela ngokukhuluma nokuzwa izindaba ezintsha.
22. UPawulu wema-ke phakathi ne-Areyophagu, wathi: “Madoda ase-Athene, ngiyabona ngakho konke ukuthi nikhonza kakhulu onkulunkulu.
23. Ngokuba kwathi ngihamba ngibuka izinto enizikhonzayo, ngafumana ne-altare okulotshwe kulo ukuthi: ELIKANKULUNKULU ONGAZIWAYO. Lokho-ke enikukhonza ningakwazi, yikho engikumemezela kini.
24. “UNkulunkulu owenza umhlaba nakho konke okukuwo, yena oyiNkosi yezulu nomhlaba, akahlali emathempelini enziwe ngezandla;
25. futhi akakhonzwa ngezandla zabantu ngokungathi udinga utho, yena obapha bonke ukuphila nokuphefumula nakho konke;
26. wazenza izizwe zonke ngagazi linye ukuba zakhe ebusweni bonke bomhlaba, wamisa izikhathi ezinqunyiweyo nemikhawulo yokuhlala kwazo,
27. ukuze zifune uNkulunkulu, ingabe zingamuzwa, zimfumane; ingani kakude kulowo nalowo kithi.