11. Labo-ke babebahle kunabaseThesalonika, balamukela izwi ngenhliziyo yonke, bahlolisisa imibhalo imihla ngemihla ukuba zinjalo yini lezo zinto.
12. Ngakho abaningi kubo bakholwa, nabesifazane abanesithunzi abangamaGreki, namadoda angeyingcosana.
13. Kwathi abaJuda baseThesalonika sebezwile ukuthi izwi likaNkulunkulu limenyezelwe nguPawulu naseBereya, beza nakhona, bazinyakazisa bezivusa izixuku.
14. Khona abazalwane bamukisa masinyane uPawulu ukuba aze afike elwandle; kepha oSila noThimothewu basala khona.
15. Abamphelekezelayo uPawulu bamfikisa e-Athene; kwathi sebamukele isiyalezo ngoSila nangoThimothewu sokuba beze kuye ngokushesha okukhulu, bamuka.
16. Kwathi uPawulu esabalinda e-Athene, umoya wakhe wacunuka phakathi kwakhe ebona umuzi ugcwele izithombe.
17. Ngakho-ke wakhuluma esinagogeni* kubaJuda nakuwo amakholwa nasesigcawini imihla ngemihla kubo ababesuke bekhona.
18. Kepha abathile kuzo izazi zama-Epikhuru nezamaStoyiku baphikisana naye; abanye bathi: “Leli phoshophosho lithini na?” Abanye bathi: “Kungathi ungomemezela onkulunkulu abangaziwayo,” ngokuba wayeshumayela ivangeli ngoJesu nangokuvuka kwabafileyo.
19. Base bemthatha, bamyisa e-Areyophagu, bethi: “Ungesazise ukuthi siyini lesi sifundiso esisha esikhulunywa nguwe na?
20. Ngokuba uletha ezindlebeni zethu okuthile okungaziwayo; ngalokho sifuna ukwazi ukuthi lokhu kungaba yini.”
21. Ngokuba bonke abase-Athene nabafokazi abakhe khona babengazilibazisi ngokunye, kuphela ngokukhuluma nokuzwa izindaba ezintsha.
22. UPawulu wema-ke phakathi ne-Areyophagu, wathi: “Madoda ase-Athene, ngiyabona ngakho konke ukuthi nikhonza kakhulu onkulunkulu.
23. Ngokuba kwathi ngihamba ngibuka izinto enizikhonzayo, ngafumana ne-altare okulotshwe kulo ukuthi: ELIKANKULUNKULU ONGAZIWAYO. Lokho-ke enikukhonza ningakwazi, yikho engikumemezela kini.
24. “UNkulunkulu owenza umhlaba nakho konke okukuwo, yena oyiNkosi yezulu nomhlaba, akahlali emathempelini enziwe ngezandla;