Izenzo 16:35-39 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

35. Kepha sekusile, izinduna zathuma izikhonzi, zathi: “Bakhulule labo bantu.”

36. Umgciniziboshwa wabikela uPawulu lawo mazwi, wathi: “Izinduna zithumele ukuba nikhululwe. Ngakho phumani manje, nihambe ngokuthula.”

37. Kepha uPawulu wathi kuzo: “Basishayile phambi kwabantu singalahlwanga cala, thina singabantu abangamaRoma, basiphonsa etilongweni; manje basikhipha ngasese na? Qhabo, akuze bona, basikhiphe.”

38. Izikhonzi zabikela izinduna lawo mazwi. Zona zesaba sezizwa ukuthi bangamaRoma,

39. zeza zabancenga; sezibakhiphile zabanxusa ukuba bamuke emzini.

Izenzo 16