Izenzo 16:3-14 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

3. Lowo uPawulu wathanda ukuba ahambe naye, wamthatha, wamsoka ngenxa yabaJuda ababekhona kulezo zindawo; ngokuba bonke babemazi ukuthi uyise wayengumGreki.

4. Kwathi bedabula imizi, babanika izinqumo ezanqunywa ngabaphostoli namalunga aseJerusalema ukuba bazigcine.

5. Njalo-ke amabandla aqiniswa ekukholweni, anda ngobuningi imihla ngemihla.

6. Base bedabula izwe laseFrigiya nelaseGalathiya, benqatshelwe nguMoya oNgcwele ukulikhuluma izwi e-Asiya;

7. sebefikile ngaseMisiya, balinga ukuya eBithiniya, kepha uMoya kaJesu akabavumelanga.

8. Badlula eMisiya, behlela eTrowa.

9. Kwabonakala kuPawulu umbono ebusuku; indoda ethile yaseMakedoniya eyayimi imncenga yathi: “Welela eMakedoniya, usisize.”

10. Lapho esewubonile umbono, safuna masinyane ukuya eMakedoniya, sathi uNkulunkulu usibizile ukuba sibashumayeze ivangeli.

11. Khona samuka eTrowa ngomkhumbi, saqonda eSamotrake, ngangomuso safika eNeyapholi.

12. Sisuka lapho saya eFilipi elingumuzi oyikhanda lesifunda saseMakedoniya, ikoloni.* Kulowo muzi sahlala izinsuku ezithile.

13. Ngosuku lwesabatha saphumela ngaphandle kwesango ngasemfuleni, lapho sathi babevama ukukhuleka khona; sahlala phansi, sakhuluma kubo abesifazane ababebuthene.

14. Owesifazane othile ogama lakhe linguLidiya, engumthengisi wezibubende, wasemzini waseThiyathira, okhonza uNkulunkulu, walalela, iNkosi yayivula inhliziyo yakhe ukuba aqaphele okwakhulunywa nguPawulu.

Izenzo 16