Izenzo 15:23-33 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

23. baloba ngesandla sabo ngokuthi:Abaphostoli namalunga, abazalwane, bayabingelela abazalwane abavela kwabezizwe abase-Antiyokiya, nabaseSiriya, nabaseKhilikhiya.

24. Njengalokho sizwile ukuthi abanye abavela kithi banikhathazile ngamazwi, benyakazisa imiphefumulo esingabayalelanga khona,

25. kwaba kuhle kithi sesinhliziyonye ukuthuma kini amadoda akhethiweyo kanye nabathandiweyo bethu oBarnaba noPawulu,

26. abantu abadele ukuphila kwabo ngenxa yegama leNkosi yethu uJesu Kristu.

27. Ngalokho sithumile oJuda noSila abazakunitshela lezo zinto ngomlomo.

28. Ngokuba kwaba kuhle kuMoya oNgcwele nakithi ukuba singanithwesi umthwalo omkhulu ngaphandle kwalezi zinto ezifunekayo

29. zokuthi niyeke okuhlatshelwe izithombe, negazi, nokuqumbeleneyo, nobufebe; uma nizilinda kulezo zinto, noba nenza kahle.Salani kahle.

30. Ngakho sebemukisiwe behlela e-Antiyokiya, balibutha ibandla, balinika incwadi.

31. Sebeyifundile bathokoza ngenduduzo yayo.

32. OJuda noSila, njengokuba nabo bengabaprofethi, babaduduza abazalwane ngamazwi amaningi, babaqinisa.

33. Sebehlale khona isikhathi, bamukiswa ngabazalwane ngokuthula, babuyela kubo ababathumileyo.

Izenzo 15