Izenzo 15:11-20 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

11. Kepha siyakholwa ukuthi sisindiswa ngomusa weNkosi uJesu ngandlelanye nabo.”

12. Isixuku sonke sathula; babelalela oBarnaba noPawulu belanda ngezibonakaliso nangezimangaliso zonke uNkulunkulu abezenzile ngabo phakathi kwabezizwe.

13. Kepha sebethulile, uJakobe wathatha wathi: “Madoda, bazalwane, ngilaleleni.

14. USimeyoni uselandile ngokuhlela kukaNkulunkulu ekuqaleni ukuba athathele igama lakhe isizwe kubo abezizwe.

15. Namazwi abaprofethi ayavumelana nalokho, njengalokho kulotshiwe ukuthi:

16. “ ‘Emva kwalokho ngiyakubuya,ngiyakhe futhi indlu kaDavide ewileyo,ngibuye ngakhe okudilikileyo kwayo,ngiyimise,

17. ukuze abaseleyo babantu kanyenabezizwe bonke bayifune iNkosi,elibizwe phezu kwabo igama lami,’isho iNkosi ekwenza lokhu,

18. okwaziwa kwaphakade.

19. “Ngakho mina ngithi masingabakhathazi labo kwabezizwe abaphendukela kuNkulunkulu,

20. kodwa masibalobele ukuba bayeke amanyala ezithombe, nawobufebe, nawokuqumbeleneyo, nawegazi.

Izenzo 15