Izenzo 13:45-48 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

45. Kepha abaJuda bebona izixuku bagcwala umhawu, bakuphika okwakukhulunywa nguPawulu behlambalaza.

46. Khona oPawulu noBarnaba bakhuluma ngesibindi, bathi: “Bekudingeka ukuba izwi likaNkulunkulu likhulunywe kini kuqala; kepha lokhu nilinqaba, nizisho nina nithi anifanele ukuphila okuphakade, bhekani, sesiphendukela kwabezizwe.

47. Ngokuba iNkosi isiyalezile kanjalo ukuthi:“ ‘Ngikubekile ube ngukukhanya kwabezizwe,ube yinsindiso kuze kube semkhawulweni womhlaba.’ ”

48. Kwathi abezizwe bekuzwa lokho, bathokoza, balidumisa izwi leNkosi; bakholwa bonke ababemiselwe ukuphila okuphakade.

Izenzo 13