36. “Ngokuba uDavide esekhonzile icebo likaNkulunkulu esizukulwaneni sakhe, walala ubuthongo, wabekwa koyise, wabona ukubola.
37. Kepha yena amvusayo uNkulunkulu akakubonanga ukubola.
38. Ngakho-ke makwazeke kini madoda, bazalwane, ukuthi ngalowo kumenyezelwa kini ukuthethelelwa kwezono, nakukho konke ebeningenakulungisiswa kukho ngomthetho kaMose
39. yilowo nalowo okholwayo uyakulungisiswa ngaye.
40. Ngakho qaphelani, funa nehlelwe ngokwakhulunywa ngabaprofethi ukuthi:
41. “ ‘Bhekani nina zideleli,nimangale, ninyamalale,ngokuba mina ngisebenza umsebenzi emihleni yenu,umsebenzi eningayikukholwa yiwo,nakuba umuntu enilandisa ngawo.’ ”
42. Kwathi ekuphumeni kwabo, babacela ukuba lawo mazwi akhulunywe kubo nangesabatha elizayo.
43. Khona sebehlakazekile abesinagoge,* abaningi babaJuda namaproselite* aqotho balandela oPawulu noBarnaba abakhuluma nabo, bebancenga ukuba bahlale emseni kaNkulunkulu.
44. Ngesabatha elilandelayo kwabuthana kucishe umuzi wonke ukuzwa izwi likaNkulunkulu.
45. Kepha abaJuda bebona izixuku bagcwala umhawu, bakuphika okwakukhulunywa nguPawulu behlambalaza.
46. Khona oPawulu noBarnaba bakhuluma ngesibindi, bathi: “Bekudingeka ukuba izwi likaNkulunkulu likhulunywe kini kuqala; kepha lokhu nilinqaba, nizisho nina nithi anifanele ukuphila okuphakade, bhekani, sesiphendukela kwabezizwe.
47. Ngokuba iNkosi isiyalezile kanjalo ukuthi:“ ‘Ngikubekile ube ngukukhanya kwabezizwe,ube yinsindiso kuze kube semkhawulweni womhlaba.’ ”