35. “Ngakho nakwenye indawo uthi:“ ‘Awuyikunika oNgcwele wakho abone ukubola.’
36. “Ngokuba uDavide esekhonzile icebo likaNkulunkulu esizukulwaneni sakhe, walala ubuthongo, wabekwa koyise, wabona ukubola.
37. Kepha yena amvusayo uNkulunkulu akakubonanga ukubola.
38. Ngakho-ke makwazeke kini madoda, bazalwane, ukuthi ngalowo kumenyezelwa kini ukuthethelelwa kwezono, nakukho konke ebeningenakulungisiswa kukho ngomthetho kaMose
39. yilowo nalowo okholwayo uyakulungisiswa ngaye.
40. Ngakho qaphelani, funa nehlelwe ngokwakhulunywa ngabaprofethi ukuthi:
41. “ ‘Bhekani nina zideleli,nimangale, ninyamalale,ngokuba mina ngisebenza umsebenzi emihleni yenu,umsebenzi eningayikukholwa yiwo,nakuba umuntu enilandisa ngawo.’ ”