Izenzo 13:32-43 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

32. “Nathi sinishumayeza ivangeli lesithembiso esenziwa kobaba

33. ukuthi uNkulunkulu usigcwalisile sona kubantwana bethu ngokumvusa uJesu, njengokuba kulotshiwe futhi kulo ihubo lesibili ukuthi:“ ‘Wena uyiNdodana yami,namuhla ngikuzele.’

34. “Maqondana nokumvusa kwakhe kwabafileyo ukuba engasayikubuyela ekuboleni wakhuluma kanje, wathi:“ ‘Ngizakuninika okungcwelenokuthembekileyo kukaDavide.’

35. “Ngakho nakwenye indawo uthi:“ ‘Awuyikunika oNgcwele wakho abone ukubola.’

36. “Ngokuba uDavide esekhonzile icebo likaNkulunkulu esizukulwaneni sakhe, walala ubuthongo, wabekwa koyise, wabona ukubola.

37. Kepha yena amvusayo uNkulunkulu akakubonanga ukubola.

38. Ngakho-ke makwazeke kini madoda, bazalwane, ukuthi ngalowo kumenyezelwa kini ukuthethelelwa kwezono, nakukho konke ebeningenakulungisiswa kukho ngomthetho kaMose

39. yilowo nalowo okholwayo uyakulungisiswa ngaye.

40. Ngakho qaphelani, funa nehlelwe ngokwakhulunywa ngabaprofethi ukuthi:

41. “ ‘Bhekani nina zideleli,nimangale, ninyamalale,ngokuba mina ngisebenza umsebenzi emihleni yenu,umsebenzi eningayikukholwa yiwo,nakuba umuntu enilandisa ngawo.’ ”

42. Kwathi ekuphumeni kwabo, babacela ukuba lawo mazwi akhulunywe kubo nangesabatha elizayo.

43. Khona sebehlakazekile abesinagoge,* abaningi babaJuda namaproselite* aqotho balandela oPawulu noBarnaba abakhuluma nabo, bebancenga ukuba bahlale emseni kaNkulunkulu.

Izenzo 13