Izenzo 13:20-38 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

20. kwadlula kungathi iminyaka engamakhulu amane namashumi ayisihlanu. Emva kwalokho wabanika abahluleli kwaze kwaba nguSamuweli umprofethi.

21. Kusukela lapho bacela inkosi; uNkulunkulu wabanika uSawule indodana kaKisi, umuntu wesizwe sakwaBenjamini, iminyaka engamashumi amane.

22. Esemkhiphile wabavusela uDavide abe yinkosi, afakaza ngaye ukuthi: ‘Ngimfumene uDavide kaJesayi, umuntu ongowenhliziyo yami, oyakwenza konke engikuthandayo.’

23. Enzalweni yakhe uNkulunkulu walethela u-Israyeli uMsindisi uJesu njengokwethembisa kwakhe;

24. engakafiki yena uJohane wayeseshumayele kuso sonke isizwe sakwa-Israyeli umbhapathizo wokuphenduka.

25. Esegcina ukuhamba kwakhe uJohane wathi: ‘Lokhu enithi ngiyikho angisikho mina. Kodwa bhekani, uyeza emva kwami engingafanele ukukhumula isicathulo sezinyawo zakhe.’

26. “Madoda, bazalwane, madodana ohlanga luka-Abrahama, nabaphakathi kwenu abamesabayo uNkulunkulu, izwi lale nsindiso lithunyelwe kithi.

27. Ngokuba abakhileyo eJerusalema nababusi babo abamazanga yena, namazwi abaprofethi afundwa amasabatha ngamasabatha bawagcwalisa ngokumlahla;

28. nakuba bengafumananga icala lokufa kuye, nokho bacela kuPilatu ukuba abulawe.

29. Kwathi sebefeze konke okwakulotshiwe ngaye, bamehlisa emthini, bambeka ethuneni.

30. Kepha uNkulunkulu wamvusa kwabafileyo.

31. Wabonwa izinsuku eziningi yibo ababekhuphukele naye eJerusalema bevela eGalile, asebengofakazi bakhe kubantu manje.

32. “Nathi sinishumayeza ivangeli lesithembiso esenziwa kobaba

33. ukuthi uNkulunkulu usigcwalisile sona kubantwana bethu ngokumvusa uJesu, njengokuba kulotshiwe futhi kulo ihubo lesibili ukuthi:“ ‘Wena uyiNdodana yami,namuhla ngikuzele.’

34. “Maqondana nokumvusa kwakhe kwabafileyo ukuba engasayikubuyela ekuboleni wakhuluma kanje, wathi:“ ‘Ngizakuninika okungcwelenokuthembekileyo kukaDavide.’

35. “Ngakho nakwenye indawo uthi:“ ‘Awuyikunika oNgcwele wakho abone ukubola.’

36. “Ngokuba uDavide esekhonzile icebo likaNkulunkulu esizukulwaneni sakhe, walala ubuthongo, wabekwa koyise, wabona ukubola.

37. Kepha yena amvusayo uNkulunkulu akakubonanga ukubola.

38. Ngakho-ke makwazeke kini madoda, bazalwane, ukuthi ngalowo kumenyezelwa kini ukuthethelelwa kwezono, nakukho konke ebeningenakulungisiswa kukho ngomthetho kaMose

Izenzo 13