20. kwadlula kungathi iminyaka engamakhulu amane namashumi ayisihlanu. Emva kwalokho wabanika abahluleli kwaze kwaba nguSamuweli umprofethi.
21. Kusukela lapho bacela inkosi; uNkulunkulu wabanika uSawule indodana kaKisi, umuntu wesizwe sakwaBenjamini, iminyaka engamashumi amane.
22. Esemkhiphile wabavusela uDavide abe yinkosi, afakaza ngaye ukuthi: ‘Ngimfumene uDavide kaJesayi, umuntu ongowenhliziyo yami, oyakwenza konke engikuthandayo.’
23. Enzalweni yakhe uNkulunkulu walethela u-Israyeli uMsindisi uJesu njengokwethembisa kwakhe;
24. engakafiki yena uJohane wayeseshumayele kuso sonke isizwe sakwa-Israyeli umbhapathizo wokuphenduka.
25. Esegcina ukuhamba kwakhe uJohane wathi: ‘Lokhu enithi ngiyikho angisikho mina. Kodwa bhekani, uyeza emva kwami engingafanele ukukhumula isicathulo sezinyawo zakhe.’
26. “Madoda, bazalwane, madodana ohlanga luka-Abrahama, nabaphakathi kwenu abamesabayo uNkulunkulu, izwi lale nsindiso lithunyelwe kithi.
27. Ngokuba abakhileyo eJerusalema nababusi babo abamazanga yena, namazwi abaprofethi afundwa amasabatha ngamasabatha bawagcwalisa ngokumlahla;
28. nakuba bengafumananga icala lokufa kuye, nokho bacela kuPilatu ukuba abulawe.
29. Kwathi sebefeze konke okwakulotshiwe ngaye, bamehlisa emthini, bambeka ethuneni.
30. Kepha uNkulunkulu wamvusa kwabafileyo.
31. Wabonwa izinsuku eziningi yibo ababekhuphukele naye eJerusalema bevela eGalile, asebengofakazi bakhe kubantu manje.