15. Sekufundiwe umthetho nabaprofethi, abaphathi besinagoge* bathumela kubo, bathi: “Madoda, bazalwane, uma ninezwi lokuyala abantu, khulumani.”
16. Wayesesukuma uPawulu, waqhweba ngesandla, wathi: “Madoda akwa-Israyeli, nani enesaba uNkulunkulu, lalelani:
17. UNkulunkulu walesi sizwe sakwa-Israyeli wabakhetha obaba, wabaphakamisa abantu bengabafokazi ezweni laseGibithe; wabakhipha kulo ngengalo ephakemeyo.
18. Wababekezelela ehlane kungathi iminyaka engamashumi amane.
19. Wachitha izizwe eziyisikhombisa ezweni laseKhanani, wababela izwe lazo libe yifa;
20. kwadlula kungathi iminyaka engamakhulu amane namashumi ayisihlanu. Emva kwalokho wabanika abahluleli kwaze kwaba nguSamuweli umprofethi.
21. Kusukela lapho bacela inkosi; uNkulunkulu wabanika uSawule indodana kaKisi, umuntu wesizwe sakwaBenjamini, iminyaka engamashumi amane.
22. Esemkhiphile wabavusela uDavide abe yinkosi, afakaza ngaye ukuthi: ‘Ngimfumene uDavide kaJesayi, umuntu ongowenhliziyo yami, oyakwenza konke engikuthandayo.’
23. Enzalweni yakhe uNkulunkulu walethela u-Israyeli uMsindisi uJesu njengokwethembisa kwakhe;
24. engakafiki yena uJohane wayeseshumayele kuso sonke isizwe sakwa-Israyeli umbhapathizo wokuphenduka.
25. Esegcina ukuhamba kwakhe uJohane wathi: ‘Lokhu enithi ngiyikho angisikho mina. Kodwa bhekani, uyeza emva kwami engingafanele ukukhumula isicathulo sezinyawo zakhe.’
26. “Madoda, bazalwane, madodana ohlanga luka-Abrahama, nabaphakathi kwenu abamesabayo uNkulunkulu, izwi lale nsindiso lithunyelwe kithi.
27. Ngokuba abakhileyo eJerusalema nababusi babo abamazanga yena, namazwi abaprofethi afundwa amasabatha ngamasabatha bawagcwalisa ngokumlahla;
28. nakuba bengafumananga icala lokufa kuye, nokho bacela kuPilatu ukuba abulawe.
29. Kwathi sebefeze konke okwakulotshiwe ngaye, bamehlisa emthini, bambeka ethuneni.
30. Kepha uNkulunkulu wamvusa kwabafileyo.