12. Khona umbusi esebona okwenzekileyo wakholwa, emangaliswa ngesifundiso seNkosi.
13. UPawulu nababe naye bamuka ePhafu ngomkhumbi, bafika ePherge lasePhamfiliya; kepha uJohane wahlukana nabo, wabuyela eJerusalema.
14. Bona ekumukeni kwabo ePherge baya e-Antiyokiya lasePhisidiya, bangena esinagogeni* ngosuku lwesabatha, bahlala phansi.
15. Sekufundiwe umthetho nabaprofethi, abaphathi besinagoge* bathumela kubo, bathi: “Madoda, bazalwane, uma ninezwi lokuyala abantu, khulumani.”
16. Wayesesukuma uPawulu, waqhweba ngesandla, wathi: “Madoda akwa-Israyeli, nani enesaba uNkulunkulu, lalelani:
17. UNkulunkulu walesi sizwe sakwa-Israyeli wabakhetha obaba, wabaphakamisa abantu bengabafokazi ezweni laseGibithe; wabakhipha kulo ngengalo ephakemeyo.
18. Wababekezelela ehlane kungathi iminyaka engamashumi amane.