Izenzo 13:1-4 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Kwakukhona e-Antiyokiya ebandleni lakhona abaprofethi nabafundisi: oBarnaba, noSimeyoni othiwa uNigeri, noLukiyu waseKhurene, noManayeni owayondliwe kanye noHerode umtetrarki,* noSawulu.

2. Kwathi bekhonza iNkosi, bezila, uMoya oNgcwele wathi: “Ngahlukaniseleni oBarnaba noSawulu ukuba baye emsebenzini engibabizele wona.”

3. Khona bazila ukudla bakhuleka, babeka izandla phezu kwabo, babamukisa.

4. Bona-ke bethunyiwe nguMoya oNgcwele behlela eSelukiya; basuka lapho, baya eKhupro ngomkhumbi.

Izenzo 13